Archive
Tuis /
Home
Briewe /
Letters
Kennisgewings /
Notices
Skakels /
Links
Nuus /
News
Fiksie /
Fiction
Poësie /
Poetry
Taaldebat /
Language debate
Opiniestukke /
Essays
Boeke /
Books
Film /
Film
Teater /
Theatre
Musiek /
Music
Slypskole /
Workshops
Opvoedkunde /
Education
Artikels /
Features
Visueel /
Visual
Expatliteratuur /
Expat literature
Gayliteratuur /
Gay literature
Xhosa
Zulu
Nederlands /
Dutch
Rubrieke /
Columns
Geestelike literatuur /
Religious literature
Hygliteratuur /
Erotic literature
Sport
Wie is ons? /
More on LitNet
LitNet is ’n onafhanklike joernaal op die Internet, en word as gesamentlike onderneming deur Ligitprops 3042 BK en Media24 bedryf.

South Africa is a unique country with different cultures. Because we are so diverse we hardly practice our cultures together in a meaningful way. So whereto from now? Should we - as Afrikaners, Zulus, etcetera - come together for a celebration? The posters at the KKNK with the head of Constand Viljoen on a black woman’s body caused quite a stir … The point is: potjiekos and boeremusiek will always be part of an Afrikaans festival. The Grahamstown National Arts Festival has shown us that a festival with solid “British” roots can reflect the Rainbow Nation, without losing its English flavour. So why not organise a Zulu, or African language festival? What we really need in South Africa is to practice ubuntu by trying to understand and appreciate our cultural and linguistic diversity.
         Suid-Afrika is ’n unieke land met vele kulture. Weens die diversiteit, kom ons selde bymekaar om ons kulture saam te beoefen. Wat nou? Moet ons, die Afrikaners, die Zoeloes en al die ander nou saam fees hou? Daardie plakkaat van Constand Viljoen se kop op ’n swart vrou se lyf het juis so ’n opstootjie veroorsaak by die KKNK … Potjiekos en Boeremusiek sal altyd deel wees van die Afrikaner se kultuur. Die Grahamstadse Nasionale Kunstefees het egter getoon dat ’n geleentheid met sterk “Britse” wortels die reënboognasie kan verteenwoordig sonder om die Engelse inhoud te verskraal. Hoekom dan nie ook ’n Zoeloe fees nie? Of ’n Afrika taalfees? Wat ons regtig nodig het, is om ubuntu uit te leef en mekaar se tale en kulture te leer waardeer.

Potjiekos, arts festivals, rainbows and languages

S’khumbuzo Mthembu kaMvelase

Yebo ke, Saphinda safika lesosikhathi esimnandi sokuthi ke sithi ukubonisana ngemibono emnandi neyakhayo, OkaMvelase umntwana Uthi ake siphile sonke.

Akesithi ukukhuluma ngesihloko esibalulekile, lapho izinhlanga zikhuluma ngokuziqgaja ngamasiko nangemikhuba yazo, lemigubho igujwa ngezindlela ezihlukene futhi ezindaweni ezahlukene, kanti futhi igujwa ngabantu abahlukene abadala nabancane, amakhehla nezalukazi. Uqgozi olwenza ngithinte lesisihloko ukuthi ngizalelwe lapha eningizimu ne Afrika ngakhulela futhi khona lapha.

Kanti okunye engithanda kuphawuleke ukuthi ngiyaziqhenya ngobumina kanti futhi angithandi ukuthi kube khona isizwe noma uhlanga oluzenyezayo ngamasiko noma ngemikhuba yaso.

Zolo lokhu bekukhona iKaroo Festival (Oostdhoorn) Kulapho ubunga fica yonke inhlobo yebhunu ongayicabanga ngoba phela ilapho ekwazi khona ukuthi ahlanganyele ndawonye adle oPotjiekos kudlalwe neBoeremusik. Nakhu phela nohulumeni wayikhahlela indaba ye Volkstaat kulapho futhi bekwazi khona nokuthi benze nemidlalo yabo bakhulume nangezinto ezithinta bona nje ngesizwe samabhunu. Ngendlela ekumnandi ngayo uma ubuka abantu benza into abayithandayo uze ufikelwe umunyu kubekhona nomona kancane ukuthi Ewu! nathi sizwe esimnyama engathi singayenza into enjena. Ake ucabange uGeneral Constand Viljoen ibhunu lokuzalwa futhi uyaziqhayisa ngayikho, ikhanda lakhe belifakwe esithombeni somuntu wesifazanekukhangiswa omunye wemidlalo weshashalazi obuzodlalwa khona kulomgubho, kwahlekwa kwamnandi kwanjeyaya, Naye waphawula kodwa akazange akuthathe ngokwezepolitiki lokhu okwakwenziwe kodwa nje into akhala ngayo ukuthi lesiyasithombe siqguqguzela noma simveza yena njengomuntu okhuthaza ubutabani. Kodwa emuva kwencazelo ayithola yamenza naye wagcina eseyihleka lendaba yekhanda lakhe. Izigameko ezinjaloke ezifunakalayo emphakathini yethu ezizokwenza ke sihleke futhi sifunde nangezinye izinto, ngempela isizwe samabhunu siyazicabangelafuthi asifuni izingane zaso zisalele emuva kwezamasiko. Impilo imfishane kabi kudingeka siyijabulele iskhathi sisekhona.

Kungekudala nje sizobona iGrahamstown Festival akusibo ubuhle bento lobu kulapho ubona khona ngempela ukuthi thina siyi (Rainbow Nation) yonke inhlobo yomuntu osemkhakheni kaqeda isizungu uyamthola lapha ngisho nabakwamanye amazwe ubathola kuyo le Festival. Kodwa uma ulandela kahle umlando weGrahamstown Festival ngempela ngeyaMangisi (British) yabe yenzelwe wona ukuze azibonakalise ukubaluleka kwawo nawo ikakhulukazi eMpuma Koloni. Kodwa kuthe ngokuhamba kwesikhathi kwavunyelwa zonke izinhlanga ukuthi nazo ziveze awazo amakhono. Kumele kushayelwe ihlombe ukuthi manje wonke umuntu noma ngowaluphi uhlanga uyabandakanywa kulomgubho waminyaka yonke, singabakhohlwa nosomabhizinisi bo, Ngeqhaza abalibambile ekuthuthukisweni kwamakhono azozonke izinhlanga nanokuthi kababheki ukuthi wena uyiliphiphi bona okwabo ukubona amasiko ehlangene (diverse cultures) okubenza bathokoze.

Kukokonke lokhu esengikubalile kunento eyodwa engangithokozisi ukuthi thina sizwe esinsundu asinayo imigubho yethu (Festivals) eqondene Nqgo nathi. Lokhu angikusho ngoba ngicwasa ngokobuhlanga noma ngokwebala kondwa ngikusho ngoba sengathi thina sesikhohliwe lapho siqhamuka khona ngempela sesiqala ukusalela emuva emasikweni ethu, konke esikwenzayo sesifana noncika nje abantu abangenasiko noma imikhuba. Pho intsha izofundani ngamasiko ethu uma kunje. Akushiwo ukuthi asiphile ngendlela yakudala ngoba phela isikhathi sishintshile ngeke sisa lunga Ebheshwini Kanti nje nempilo isiphilwa ngenye indlela manje sekukhuluma imali, Ake ubuze ingane yase lokishini (Township) ukuthi yini ukhamba, isigwamba, ucansi, isicephu, isidwaba njalonjalo kuningi ngekengakuqeda izothi yini lento okhuluma ngayo. Azazi ngisho amahubo, ngisho nokuyotheza into elula kangaka, ngempela kuyadingeka ukuthi kube khona umgubho wethu thini (Zulu / African culture Festival) khona nezinye izizwe zizofunda ngamasiko ethu ukuze sazane kodwa singahlekani. Ezinye izizwe zifisa kabi ukwazi ngamasiko ethu thina sizwe esimnyama kodwa kakukho lapho ungaba ncomela ukuthi kabayekhona bazokuthola konke, Kuphela nje okwenze kayo uthola lowo nalowo ezizamela ethi uyahlanganisa kodwa ubone nje ukuthi ayi umdlalo phela lo.

Azibuye emasisweni amasiko nemikhuba makugujwe, akuphele ukubukela phansi amasiko ezinye izizwe kwande ukuhloniphana nokuzuqgaja ngamasiko ethu, ubuntu abande ebantwini omnyama nomhlophe.

phezulu


© Kopiereg in die ontwerp en inhoud van hierdie webruimte behoort aan LitNet, uitgesluit die kopiereg in bydraes wat berus by die outeurs wat sodanige bydraes verskaf. LitNet streef na die plasing van oorspronklike materiaal en na die oop en onbeperkte uitruil van idees en menings. Die menings van bydraers tot hierdie werftuiste is dus hul eie en weerspieël nie noodwendig die mening van die redaksie en bestuur van LitNet nie. LitNet kan ongelukkig ook nie waarborg dat hierdie diens ononderbroke of foutloos sal wees nie en gebruikers wat steun op inligting wat hier verskaf word, doen dit op hul eie risiko. Media24, M-Web, Ligitprops 3042 BK en die bestuur en redaksie van LitNet aanvaar derhalwe geen aanspreeklikheid vir enige regstreekse of onregstreekse verlies of skade wat uit sodanige bydraes of die verskaffing van hierdie diens spruit nie. LitNet is ’n onafhanklike joernaal op die Internet, en word as gesamentlike onderneming deur Ligitprops 3042 BK en Media24 bedryf.