Archive
Tuis /
Home
Briewe /
Letters
Kennisgewings /
Notices
Skakels /
Links
Nuus /
News
Fiksie /
Fiction
Poësie /
Poetry
Taaldebat /
Language debate
Opiniestukke /
Essays
Boeke /
Books
Film /
Film
Teater /
Theatre
Musiek /
Music
Slypskole /
Workshops
Opvoedkunde /
Education
Artikels /
Features
Visueel /
Visual
Expatliteratuur /
Expat literature
Gayliteratuur /
Gay literature
Xhosa
Zulu
Nederlands /
Dutch
Rubrieke /
Columns
Geestelike literatuur /
Religious literature
Hygliteratuur /
Erotic literature
Sport
Wie is ons? /
More on LitNet
LitNet is ’n onafhanklike joernaal op die Internet, en word as gesamentlike onderneming deur Ligitprops 3042 BK en Media24 bedryf.

Lapha emzansi Afrika

S’khumbuzo Mthembu ka Mvelase

Kuyintokozo kimina ukuthi ngiveze uvo lwami ngezinto ezenzeka lapha eningizimu Afrika. Kungaba ezinhle,ezibuhlungu noma ezijabulisayo. Ochungachungeni lwemibono nezindatshana ngithe ake ngithathe lelithuba ngibhale ngesihloko esivuthayo kulezizinsuku lapha emzansi afrika. Udaba lokucwasana kwabemithombo yezindaba kakhulukazi ngezikhathi zobandlululo.

Ngesizulu sithi iva likhishwa ngelinye iva.Iqiniso kuphela elikhulula umuntu,angikhathali noma abanye abantu bangathini. Yiso lesi isikhathi samaqiniso, kumele ibongwe ikhomishana yamalungelo esintu.

Khumbula! ngibeka umbono wami nje nami njengo muntu oyisakhamuzi futhi obuka izinto ngokuhlaziya. Ngakho engikushoyo lapha kungumbono wami nje.

Kuqale kwaba ikhomishana yamaqiniso nokubuyisana kwakhalwa ngapha nangapha kuwubumayemaye, abanye bethi ngeke nje baxole bona bafelwa bahlukunyezwa. Ekumele kukhumbuleke ukuthi kunzima kona ukuxola kanti futhi ushintsho luza nobuhlungu alumunandi luhambisana nezinyembezi. Buka manje wonke umhlaba jikelele ubukela kithi manje siyisibonelo esihle into ekumele siziqhenye ngayo njengabantu base ningizimu Afrika.

Pho kwabemithombo yezindaba ilaphi inkinga uma besho izinkinga ababhekana nazo ngezikhathi zobunzima zobandlululo. Abanye bathi lokhu okwenziwa ikhomishane kunqinda inkululeko yabezindaba. Mina ngithi phinde yinhle kabi lento khona kuzovela ububi babahleli bebambisene namabhunu ukucindezela umuntu omnyama, ngokwami ukucabanga emuva kokuvela kwamaqiniso nezintatheli nazo zizobhodla kuthi ukwehla nenzondo.

Zingaki nje izintatheli ezazisebenza ngokuzinikela nangokuzikhandla ziphenya ngezindaba ezijulile kodwa zifike kubahleli bathi cha lokhu noma bathi asikushintshe sikubeke kanje ngoba bevikela amahlazo ezinhlanga zakubo. Ezinye izintatheli sihamba phezu kwazo ngoba kuthiwa zikhuluma kakhulu kwenye inkathi zithengiswa ngabahleli qobo.

Kodwa uma kuke kwathiwa kuyaliwa noma kusha imizi elokishini elithile, umhleli omhlophe wayeqinisekisa ukuthi lolodaba luyatholakala ukuze kuhlekwe. Kuthiwe abantu abamnyama babulalana bodwa baze bakwetha igama bathi (black on black violence). Bese thina yindlu emnyama sibukeka njengeziphukuphuku abantu abangasile kanti cha akunjalo kunezinhloso ezithile ezifezwayo.

Ngaleyondlela thina mphakathi sasincisheka ulwazi olujulile lwezintatheli eziphenyayo futhi sifunzwe okungekona ngoba singena kwenza lutho.

Kangiqonde kuvusa manxeba mina lapha kodwa ngithe ake ngisike elijikayo. Empeleni engizama ukukusho ukuthi yinhle lento yekhomishana engathi ingenzeka kuyoyonke imikhakha yokusebenza sithole amanye amaqiniso.

Ake ngithi khumu okwamanje sizoxoxa ngokuzayo, siyobe sixoxa ngemilindelo (night vigil) ukuthi isaqhutshwa ngokwesiko na.

OkaMvelase umntwana usethi khumu.

S’khumbuzo Mthembu ka Mvelase

(In hierdie essay beweer Mvelase dat die menseregtekommissie die deure van die alte geslote nuusburo’s ’n bietjie oopgestoot het. Is goeie joernaliste deur hulle redakteurs geïntimideer? / In this essay Mvelase indicates that the Human Rights Commission managed to sneak a look behind the usually closed doors of the newsroom. Did the editors manipulate good journalists?)

to the top


© Kopiereg in die ontwerp en inhoud van hierdie webruimte behoort aan LitNet, uitgesluit die kopiereg in bydraes wat berus by die outeurs wat sodanige bydraes verskaf. LitNet streef na die plasing van oorspronklike materiaal en na die oop en onbeperkte uitruil van idees en menings. Die menings van bydraers tot hierdie werftuiste is dus hul eie en weerspieël nie noodwendig die mening van die redaksie en bestuur van LitNet nie. LitNet kan ongelukkig ook nie waarborg dat hierdie diens ononderbroke of foutloos sal wees nie en gebruikers wat steun op inligting wat hier verskaf word, doen dit op hul eie risiko. Media24, M-Web, Ligitprops 3042 BK en die bestuur en redaksie van LitNet aanvaar derhalwe geen aanspreeklikheid vir enige regstreekse of onregstreekse verlies of skade wat uit sodanige bydraes of die verskaffing van hierdie diens spruit nie. LitNet is ’n onafhanklike joernaal op die Internet, en word as gesamentlike onderneming deur Ligitprops 3042 BK en Media24 bedryf.